Ishicilelwe ephephabhukwini i-Vogue ingqephu ka-Enhle Mbali

Usewuqale ngegiya eliphezulu u-2020 uMbali Maphumulo, owaziwa ngo-Enhle Mbali njengoba ingqephu yakhe, i-Essie Apparel ishicilelwe kwiphephabhuku elihlonishwayo kwezemfashini – i-Vogue yase-Italy.

Akuqali ukuthi uMbali, ophinde abe ngumlingisi aphephezelise ifulegi lakuleli phezulu kwezemfashini. Ngo-2018, waba nenhlanhla engandile yokuba yingxenye yethimba elagqokisa umculi oyintandokazi emhlabeni wonke, u-Beyoncé, ngesikhathi ezonandisa kuleli emcimbinikazi i-Global Citizen Festival.


Uthi isibe umqansa le ndlela njengoba aqala ukusika ingqephu sakudlala eneminyaka engu-17. “Ngiyaziqhenya ngokuthi ngingumsiki wengqephu nanokuthi i-Essie Apparel ibhizinisi elithi mina. Amaphupho ethu sonke abalulekile, futhi ayafezeka,” ebhala ekhasini lakhe lika-Instagram ngonyaka odlule.

View this post on Instagram

Some of our Fab looks this fashion week. So Essie

A post shared by Essie apparel (@essie_apparel) on

Abasezinkundleni zokuxhumana bamhalalisele u-Enhle ngalezi zindaba ezinkulu kangaka.