USjava insizwa esiyithandayo kulo Msombuluko

Uma kukhulunywa ngabantu abazalwa befumbethe kusuke kushiwo abantu abafana noSjava. Kuyiqiniso elingephikiswe ukuthi uJabulani Hadebe oneminyaka engu-35 odabuka eBergville odume ngelika-Sjava unekhono eliyisimangaliso nelimenza agqame eningini. Akukapheli sikhathi esingakanani engenile emculweni kodwa usephenduke inkakha eyohlala inhlonishwa ngomsebenzi wayo.

USjava uqhamuke nesigqi esehlukile nesifike sathola ikhaya ezinhlizweni zabaningi. Usanda kwenza ikhonsathi yakhe yokuqala eyedwa ebe yimpumelelo ePitoli, ngenyanga ezayo uzophinde enze okufanayo eThekweni mhlaka-29 February e-ICC. Kuyiqiniso elingephikiswe ukuthi le nsizwa inogcobo oluyisimanga noselumenze angaconsi phansi kwabaningi.