Sukubalwa amahora kungenwe ku-2020

Sekusele amahora ambalwa kwamukelwe unyaka omusha, u-2020. Abantu bahlukanisa unyaka ezinndaweni ezehlukene. Abanye bawuhlukanisa emasontweni kannti abanye emibhiyozweni ngokwehlukana.

FUNDA: BUKA: Izindawo onganqamula kuzo unyaka

Kubalulekile ukuqaphela noma ikuphi lapho ohlukanisa khona unyaka ngoba abantu bajabula ngezindlela ezingafani. Abanye baqhumisa iziqhumane budedengu begcine belimaza abanye.

FUNDA: Nansi imigwaqo yaseGoli ezovalwa kuze kuse

Kusukela ngehora leshumi-22:00 kuya ku-23:40 isikhathi esihle sokufonela abathandiweyo bakho ngoba ngemuva kwalokho i-network ayibambi kahle.