U-Kabza De Small uthengele umngani wakhe imoto

Abangani abaqotho bagcina sebephenduke umndeni, lokhu kufakazelwe yisenzo sika-Kabza othengele umngani wakhe imoto njengoba sesiside isikhathi begudla. U-Kabza De Small usanda kuba sematheni njengoba abalandeli bebemnxenxa ukuba athathe ikhefu, ake ayophumula kancane njengoba enandisa ezindaweni ezahlukene zobumnandi futhi ebonakala ukuthi ubuthongo akasabazi.