Ixoxwa ngezithombe – vakashel’ e-Knysna

Uma ngabe ubungakabi nasiqiniseko sokuthi uzozikhiphelaphi kulo Disemba, sivumele sikusize.

Njengenjwayelo, njalo ngoLwesibili sikulethela indawo yakuleli ongayivakashela njengengxenye ye #TravelTuesday. Njalo ngaleli langa, kusetshenziswa le-hashtag ezinkundleni zokuxhumana ngenhloso yokugqugquzela abantu ukuthi babe yingxenye yezokuvasha, nokutshengisa izindawo okungenzeka awuzazi kodwa ongafisa ukuzivakashela ngelinye ilanga.

FUNDA: Ixoxwa ngezithombe – vakashel’ e-Magoebaskloof

Namuhla sikuhalisela ngendawo yasesifundazweni sase-Western Cape, i-Knysna. Le ndawo esemzileni odumile, i-Garden Route yaziwa njengepharadisi lemvelo. Isho ngamabhishi amahle, amadamu athulile, izindawo zokudla zikanokusho nobuhle bemvelo. Kuningi futhi ongakwenza kuleli dolobhana elincane uma ungumuntu ongathandi ukuhlala endlini.