Kuminyene utshumo engomeni ezohlukanisa unyaka oKhozini FM, njengoba abalo msakazo bethi ziyinqwaba iziphakamiso esezithunyelwe ngabalaleli.
Kusukela kuvulwe isikhathi sokuthumela iziphakamiso, Ukhozi luthi seluthole ama-email angu-10 000 avela kubalaleli abaphakamisa ingoma abafuna yehlukanise unyaka – ngokombiko wephephandaba Ilanga LangeSonto.
Lezi ziphakamiso ziyisigaba sokuqala sokukhethwa kwengoma ezohlukanisa unyaka. Emva kwalokhu kuzohlungwa eziwu-10 ezihamba phambili, bese kuphinde kuvulwa ithuba lokuvotela lezo ezobe zikhethiwe nge-SMS.
Isigaba sokuphakamisa izingoma sivuleleke kubo bonke abalaleli abakwazi ukusebenzisa i-email ne-inthernethi; kanti umlaleli nomlaleli kuvunyelwe ukuthi athumele ingoma eyodwa ayiphakamisayo. Liyavalwa leli thuba ngomhlaka-10 Disemba.
FUNDA:Ingabe amapiano azowuhlukanisa unyaka?
Abalaleli kubonakala sengathi abakabi nasiqiniseko sokuthi iyiphi abafuna ivale unyaka.