Qina ntombazane, ubushade iqhawe – u-Ayanda Ncwane eduduza unkosikazi ka-Neyi Zimu

Usethole amazwi enduduzo avela kumuntu osiqonda kangcono kunabaningi isimo akuso unkosikazi womculi wokholo osanda kudlula emhlabeni, uMfu Neyi Zimu.

UNeyi Zimu unqotshwe isifo somdlavuza wesikhumba ngoLwesine.

FUNDA: Amazwi enduduzo ngokudlula komculi uMfu Neyi Zimu

U-Ayanda Ncwane, ongunkosikazi womculi wokholo naye ongasekho – uSifiso, ubhalele uDkt Nelisiwe Zimu umlayezo abemkhuthaza ngawo ekhasini lakhe lika-Instagram.

Umtshele ukuthi impilo yakhe kuzofana nokuthi iqala kabusha. “UNkulunkulu uzokulethela izingelosi ezizokunikeza amandla nokuthula okudlula ukuqonda konke. Kulesi sigaba sempilo yakho kuzobonakala sengathi kumnyama, sengathi uhamba wedwa, kuzokwethusa futhi lokho, kepha kohambeka uma uhamba noJehovauncike kuye. Ngiyakholelwa emandleni akho. Qina ntombazane. Ubushade iqhawe.”