Iyaqhubeka i-loadshedding nakule mpelasonto

Zilale zikhala izakhamizi zakuleli emva kwesimemezelo esivela kwa-Eskom izolo ebesithi izoqala isigaba sesibili sokucima ugesi kuze kuse namuhla.

Kuthe kungazelele muntu izolo emini, le nkampani yagesi yamemezela ukuthi yeqa isigaba sesithathu, iya ngqo esigabeni sesine sokucima ugesi kuze kube uMgqibelo ekuseni.

FUNDA: Ibuye ngamandla i-loadshedding

Bathe bakwenza lokhu ngoba uhlelo lokuhlinzeka ugesi lungaphansi kwengcindezi, ngakho badinga ukuwonga.

Kusenjalo-ke nanamuhla njengoba i-Eskom isimemezele ukuthi iyaqhubeka nokunqamula ugesi ngokwesigaba sesibili kuze kube sebusuku namuhla.

Abasenkundleni yokuxhumana i-Twitter babuze ukuthi yini le eyenze kwaze kweqiwa isigaba sesithathu izolo, kwaphuthunywa esesine. Abanye babuze ukuthi siphelelephi isethembiso esakhishwa uhulumeni sokuthi akuzukuba na-loadshedding kuleli hlobo?