Kubanjwe umoya ethembeni lokuthi uzobuya naso isicoco sika-Miss Universe, u-Miss South Africa, u-Zozibini Tunzi, ose-Atlanta, eMelika njengamanje, lapho ezoncintisana khona nozime abangaphezu kuka-80 abaqhamuka kwamanye amazwe.
FUNDA: Uselifulathele elakuleli ukuyosimela ku-Miss Universe
Akwandile ukuthi kube nomsindo ongaka kwezozime, kepha uZozibini Tunzi ubonakala njengomunye wo-Miss South Africa obe nogazi kakhulu kwizikhamizi zakuleli eziningi, notshengiswe ukwesekwa okukhulu.
Nongoti bezozime, balokhu bemnombole njengozophumelela nakanjani kwi-Top 10.
Lo mcimbi omkhulukazi uzoba ngoMsombuluko, kanti kuyimanje kumincelwe ukuthi uZozibini adlulele kwi-Top 20 ezomenyezelwa namuhla.
FUNDA: Owesifazane esimthandayo kulo Lwesithathu – uZozibini Tunzi
Babili kuphela abesifazane bakuleli asebebuye nalesi sicoco, abango-Margaret Gardiner, owathatha lesi sicoco ngo-1978, no-Demi-Leigh Nel-Peters, obuye naso kamuva, ngo-2017; kanti u-Miss South Africa 2018, uDkt Tamaryn Green ucishe wasithatha ephume isibili.
Ngakho-ke uma esithatha lesi sicoco u-Zozibini, uzobe engowesithathu lokhu waba khona u-Miss Universe, futhi uzobe enguzime wokuqala omnyama wakuleli ukuba ngu-Miss Universe.
Sikufisela okuhle kodwa ntokazi yaseTsolo. Buya nayo sisi!