Asithengwa isitifiketi sikamatikuletsheni, siyasetshenzelwa – kukhuza uMnyango

Kwexwayiswa ngezitifiketi zikamatikuletsheni eziwumbombayi esezadayiswa izigilamkhuba.

Lokhu kulandela ikhasi elisezinkundleni zokuxhumana elikhangisa ngokuthi lidayisa izitifiketi zikamatikuletsheni, ezibiza imali elinganiselwa ku-R1 500 kuya ku-R2 500, kanti futhi awudinge kubhala zivivinyo ukuze usithole.

“Sexwayisa abantu bakithi ukuthi bangaze bazithole bengene entweni enjena ngoba imali izolahleka nesitifiketi asithenjiswa,” kusho u-Elijah Mhlanga, okhulumela uMnyango weMfundo eyiSisekelo kuleli.

Yize kungumkhuba ongaqali, futhi uMnyango osuke wexwayisa ngawo ngaphambilini, uMhlanga uthi bakhona abalokhu bezithenga lezi zitifiketi ezingombombayi, abanye bazisebenzise uma befuna umsebenzi. Ngale kokulahlekelwa imali, ungaya nasejele uma kungatholakala ukuthi uthole umsebenzi ngesitifiketi sikamatikuletsheni okungesiso.

“Besicela ukuthi abaqashi beze kithi baqinisekise (ukuthi isitifiketi esangempela),” kuqhuba uMhlanga, obekhuluma nabezindaba ngoLwesine.

UMhlanga uthe bakhona abagili balo mkhuba abaziwa uMnyango, futhi abavulelwe amacala, kepha kuyaye kube nobunzima bokubashushisa ngoba akucacile kahle ukuthi obani izigilamkhuba.

Bathe kunzima ukulandelela ukuthi leli khasi liqalwe ngubani, ngoba uma usuhlangana nalo ezinkundleni zokuxhumana lisuke selidluliselwe kubantu abaningi, ngakho kunzima ukwazi ukuthi liqalwe nini futhi ngubani.