Umkhukhu kanokusho, ozohalela ukuhlala kuwo

Usephenduke isilomo uFernando Mucavele ngomkhukhu wakhe kanokusho, othi uma uphakathi uzizwe sengathi usendaweni yomtakabani. Lo mkhukhu uphakathi kwenye inxanxathela yemikhukhu e-Joe Slovo Park eKapa. U-Fernando wase-Mozambic oneminyaka engu-32, weza kuleli ezozama amadlelo aluhlaza ngekhono lakhe lokwakha. Ematohweni awabambayo, ubecosha okusele bese eyozipatanisela kwakhe njengoba namhlanje eseshaya ngesithabathaba somkhukhu.