Nawe usuzokwazi ukunuka njengo Zodwa Wabantu

Zibonele obekwenzeka uZodwa Wabantu ethula ngokusemthethweni isiqholo sakhe i-Touchable Zodwa Wabantu, kukhona eyasemini ongaziqhola ngayo uma uziyela emsebenzini, bese kubakhona eyasebusuku ongaziqhola ngayo uma uyodla ubusha bakho. Lezi ziqhole zethulwe ngokusemthethweni ngobukhazi khazi bomcimbi, la uZodwa wethu eqhamuke ahamba netshwele lakhe begqoke kahle befaniselene. Lezi zigqolo zizohamba zidayiswa ngama-truck anobuso buka Zodwa Wabantu noma uyithenge kwi-website ebizwa nge: w1 clondon.