Owesifazane othandana nabobulili obubodwa nobakhe udlwengulwe wabulawa ngesihluku eBloemfontain, e-Namibia. Lo weaifazane uchazwe njengo bengosebenza kanzima futhi ondla izingane zakwabo ezincane ezimbili.
Njengoba uMannada bekunguye osusa ikati eziko kwabo, kuphithene amakhanda umndeni awazi uthathe ini, uhlanganise nani. Umndeni unxusa abangakwazi ukufaka isandla besize ukuphothula amalungiselelo omngcwabo.
Amalungu omphakathi we-LGBT anqume ukuhlangana e-Spar esise-Rockland ukuyobhonga emswaninini aphinde eduduze umndeni kaMadonna. Lokhu kuhlangana bekungesiyo imashi, kodwa uhambo lokuyobhonga emswanini njengoba kuxephuke ixolo emkhomeni emphakathini we-LGBT. Lokhu kwenzeka nje isikhathi sezinsuku eziyi-16 zokulwa nokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane.
BUKA: Ozakwabo baka Madonna beyobhonga emswanini ngokushiywa uzakwabo.