Sebezitholile izikhala zika-Grade 1 no-Grade 8 akade belindile e-Gauteng

Bazowudla ngokukhulukeka uKhisimuzi abazali bezingane zase-Gauteng ebezingakatholi izikhala zokufunda kwa-Grade 1 no-Grade 8 ngonyaka ozayo, kwazise kulaba akade besohlwini lwabalindile, sekulungile.

Kuzokhumbuleka ukuthi kuke kwaba nesidididi ngendaba yezikhala zokufunda kwakade bengakazitholi, kwaze kwelulwa isikhathi sokutholela abafundi izikhala.

Ngokwezibalo ezakhishwa uMnyango wezeMfundo kulesi sifundazwe maphakathi nenyanga edlule, kwavela ukuthi sekusele abafundi abaya ku-Grade 1 no-Grade 8 abalinganiselwa ku-14 000 kuphela ababengakazi ukuthi bofundaphi ngonyaka ozayo. Ekupheleni kwenyanga, kwase kusele abangu-419 kuphela.

Ekhuluma esithangamini sabezindaba ngoLwesibili, uNgqongqoshe Panyaza Lesufi, uthe kusele kuphela abazali abangalethanga onke amadokhumenti adingakalayo ukuze kuphothulwe uhlelo lokunikeza ingane isikhala sokufunda. Laba bazali basuswa ohlwini lwabalinde izikhala. Nokho uthe bangakhathazeki, ngoba uma izimfanelo zokufaka izicelo zilunga, zisekhona izikhala zokufunda ezikoleni ezingaphezudlwana kuka-1 000 kulesi sifundazwe.

ULesufi ucacisile futhi ukuthi kukhona nedlanzana elifake izicelo ngale konqamlajuqu owawubekiwe, wathi laba sebozanyelwa ngenyanga ezayo; kanti futhi laba abasafake izikhalo ngoba bengenelisiwe isikhala abanikezwe sona, olwabo udaba lusadingidwa.

FUNDA: Angasidlulisa isikhalo umzali uma isikhala sesikole singamenelisi