Banukubezwe, bagwazwa, bashiswa laba besifazane

Kungakapheli zinsuku kubatshazwa isihluku isitshudeni saseLimpopo u-Precious Ramabulana (21) afe ngaso, izakhamizi zakuleli seziphinde zasala zikhexile kulandela izindaba zokufa komunye umfundi wase-North West u-Gomolemo Legae (18).

FUNDA:Sekuboshwe umsolwa kwelokubulawa kuka-Precious owagwazwa kawu-52

Njengo-Precious – okuthiwa wanukubezwa wasegwazwa amahlandla angaphezu kuka-50, u-Gomolemo ugwazwe amahlandla angaphezu kuka-25, wasethungelwa ngomlilo esaphila ngeSonto esiphuma kulo.

Kuthiwa u-Gomolemo ubulawe umlisa oneminyaka engu-19, endaweni yase-Ramosadi, e-North West. Ngokombiko wamaphoyisa, kuthiwa naye unukubeziwe ngaphambi kokubulawa.

Kuthiwa umfana ogile lesi sehlo ubaziwa endaweni, futhi umndeni wakhe omthungathe wasumhambisa emaphoyiseni emva kokuzwa ngalesi sigameko.

Izakhamizi zakuleli zisashaqekile, kakhulukazi ngoba lokhu kwenzeka ezinsukwini ezingu-16 la kuqwashiswa khona ngodlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane.

Abaningi bathe abanamazwi ngalokhu, kanti futhi abasenasiqiniseko sokuthi yini ngempela osekumele yenziwe ukuze kuphele ngodlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane.

Kulindeleke ukuthi avele enkantolo yeMantshi eMmabatho namuhla ngoLwesithathu umbulali ka-Gomolemo.

Kusenjalo, omunye umndeni wase-North West usazilile kulandela ukubulawa kwengane yabo, u-Kgaugelo Tshawane okuthiwa ubulawe umlisa akade ethandana naye.

Ngokwemibiko yabezindaba, isidumbu salo mama wababili, obeneminyaka engu-28 sitholakale emotweni yakhe eMmakau, kuso lesiya sifundazwe, ngoMsombuluko odlule.

Abangani bathi babemgcine ngoMgqibelo bezikhiphile okwathi emva kokuhilizana nalo mlisa ocingweni, wasebashiya lapho u-Kgaugelo. Akabange esatholakala ocingweni okwaholela ekutheni umama wakhe ayombika njengolahlekile emaphoyiseni. Yiwo amaphoyisa abe esemazisa ukuthi amthole eseshonile emotweni yakhe.

Umsolwa, u-Tebogo Setlhare (37) owaboshwa emva kwalesi sigameko uvele enkantolo ngeviki eledlule kanti ubhekene namacala okubalwa kuwo awokuthumba, ukudlwengula nokubulala.