Zimkhalele oshaye wabulala unkosikazi wakhe

Indoda eneminyaka engu-29 ubudala iboshwe ngempelasonto ngezinsolo zokubulala unkosikazi wayo endaweni ese-Centane, e-Eastern Cape.

Okhulumela amaphoyisa, uKaputenu u-Jackson Manatha uthe, “Umsolwa ushaye, wabulala unkosikazi wakhe, oneminyaka engu-25, ngoLwesihlanu ebusuku .”

“Imbangela yalokhu kubulala ayikaziwa,” kusho yena.

Umsolwa kulindeleke avele enkantolo yemantshi yaseCentane namhlanje.

FUNDA: Uzovela enkantolo namuhla osolwa ngokubulala u-Precious Ramabulana

FUNDA: Akuphele ukuhlukunyezwa kwabesifazane! – Cyril Ramaphosa