Yemukelwe ngezandla ezimhlophe i-albhamu entsha kaKhuzani

“Akudluleki ku-Track 2 kwi-albhamu entsha kaKhuzani” kusho abalandeli ngengoma ethi Isilingo. Kanti futhi no-Track 7 ingoma ethi Utsotsi ayizibekile phansi. Le CD enezingoma ezingu-14 ebiza uR70 nje kuphela, yemukelwe ngezandla ezimhlophe ngabalandeli bakamasikandi njengoba iphume ngoLwesihlanu lomhlaka-29 November. Kazi iyozala nkomoni njengoba nembangi yakhe Igcokama Elisha lizokhipha eyalo I-DVD mhlaka-06 December. Sekuyobonakala lapho ukuthi Inhloko Nes’xhanti kwehlukane ngempela.

FUNDA: Kuzohlukana inhloko nes’xhanti uKhuzani ekhipha i-CD entsha

FUNDA: Isaqhubeka impi kaKhuzani neGcokama Elisha

View this post on Instagram

Uyisilingo Mali yami🙏

A post shared by Khuzani INdlamlenze Mpungose (@khuzani_mpungose) on

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *