Ungasali kwasebekhethe ukujima nokudla kahle kulo Disemba

Kubonakala kungumdlalo kwabanye abantu ukuqala noma yiluphi uhlelo lokuzivocavoca nokudla kahle ngalesi sikhathi sonyaka, kwazise uDisemba uyaziwa ngobumnandi obufaka ukudla bonke oncamnce ongabacabanga. Kwabanye futhi ukuphumula ngalesi sikhathi samaholidi akufaki ukuzivocavoca.

Nokho-ke konke lokhu kuyaye kuholele ekutheni abanye bazithole sebethe ukukhuluphala ngoJanuwari.

Ikhona-ke kodwa igenge eyibamba uqala unyaka uze uyophela, negqugquzela abanye abasanesifiso sokuqala ukunakekela imizimba yabo ukuthi bangadikibaliswa isikhathi, bazame okungenani ukuqinisekisa ukuthi abakhuluphali ngokweqile ngoKhisimuzi ngokudla kahle nokuzivocavoca.

Omunye walaba isishoshovu sokudla kahle nokuzivocavoca, uMnuz Samuel Hlonyana – owaziwa kakhulu ngokuhola umkhankaso wokwehlisa isikalo sikashukela ekudleni, i-90 day sugar movement. UHlonyana waze wabhala incwadi ethi Life After Dieting – ekhuluma ngokuthi ungafinyelela kanjani esisindweni somzimba esikahle ngokwenza ushintsho ngendlela ophila ngayo.

FUNDA:Nawe usengabajoyina asebeshiye phansi ushukela

Kulokhu, uHlonyana uhola omunye umkhankaso obizwa nge-December Fitness Challenge lapho epha khona abantu inselelo yokuzivocavoca, ngaphezu kokudla kahle nokushiya phansi ushukela kulo Disemba.

Usuku nosuku, ngaphandle kwalezi okuthiwa ezokuphumula, ugqugquzela ukuthi uzivocavoce isikhashana, ukusiza ukuqeqesha ingenhla nengezansi lomzimba wabo.

Njengoba batshengisa ukuyithakasela le yokushiya phansi ushukela, bakhona asebethe nale yokuzivocavoca bazoyijoyina ukuze bangakhali ngokuthi uziphu kajini awusavaleki uma kuphela la maholidi.

Kusenjalo, abanye yilokhu beshicilele njalo izithombe ezitshengisa indlela imizimba yabo esishintshe ngayo lokhu bakhetha ukujoyina laba abathi sebeshiye phansi ushukela; kanti elinye idlanzana lithi nalo kungekudala lizobe liyingxenye yalaba abakhuluma ngendlela asebenciphe ngayo.