Kungenzeka kuphele ngeMeya yase-Tshwane ebandakanyeka kolocansi

Kungenzeka lunqunywe namuhla udaba lweMeya yase-Tshwane esamile emsebenzini, uMnuz Stevens Mokgalapa ngesikhathi kuhlala umhlangano womkhandlu-doloba – ongaholela ekutheni alahlekelwe umsebenzi.

UMokgalapa unikezwe ikhefu elikhethekile ukuze kuphothulwe uphenyo olumayelana nezinsolo zocansi olubandakanya yena nesikhulu esibhekele ezemgwaqo nokuthutha eTshwane uNkk Sheila Senkubuge.

Ngempelasonto edlule, kusabalale inkulumo eqoshiwe okuzwakala kuyo sengathi uzithokozisa ngokocansi noSenkubuge. Kuyo le nkulumo baphinde bezwakale behleba ngamalunga ezepolitiki ehlukene aseqenjini labo i-DA, naseqenjini eliphikisayo, i-ANC – bebazima nangamagama anganambithisiseki.

FUNDA: Ngeke kukwazi ukuthi amalunga e-DA abe nocansi nje noma yikuphi – kusho owe-ANC

I-EFF – okuyiyona ebambisene ne-DA e-Tshwane isiphakamise ukungamethembi uMokgalapa. Leli qembu lithi uMokgalapa walithola ithuba lokuzitshengisa ubuholi bakhe, wase eshaya udaka, ngakho-ke akayena umuntu osafanelwe ukuphatha lo masipala.

I-ANC e-Tshwane nayo ithi izovota ne-EFF ukuze uMokgalapa ahambe, yize lingakaphakanyiswa igama lomuntu abafuna angene esikhundleni.

I-DA yona ithi ngeke ivele isiyeke nje isikhundla sobuMeya, yize ivumile -DA e-Gauteng ukuthi ikusasa lobuholi be-DA eTshwane lilele ezandleni ze-EFF ne-ANC.