“Ngeke kukwazi ukuthi amalunga e-DA abe nocansi nje noma yikuphi,” kusho owe-ANC

Izothatha ikhefu elikhethekile emsebenzini iMeya yaseTshwane, uMnuz Stevens Mokgalapa, esematheni kulezi zinsuku kulandela ukusabalala kwenkulumo eqoshiwe okuthiwa uzwakala kuyo sengathi uzithokozisa ngokocansi noyisikhulu esibhekele ezemgwaqo nokuthutha eTshwane, uNkk Sheila Senkubuge.

Kuyo le nkulumo kuthiwa baphinde bezwakale behleba ngamalunga ezepolitiki ehlukene aseqenjini labo i-DA, naseqenjini eliphikisayo, i-ANC – begxeka izinqubomgomo zabo abazibize ngezingubuwula, futhi bebabiza ngamagama angamambithisiseki afana nomthakathi namanye.

Le ndaba ibe sematheni kusukela ngeSonto, kangangokuthi kudlaliswe nge-hashtag ethi #sexinthecity ngenxa yokuthi konke lokhu, ngokwemibiko, kwenzeke ehhovisi lika-Senkubuge, elisedolobheni i-Tshwane.

I-ANC isigxekile lesi senzo, ithi bona abanandaba nokuthi amalungu e-DA enzani ngasese, kuphela bakhathazwa okwenziwa abaholi baleliqembu ngesikhathi somsebenzi yingakho kumele aphendule u-Mokgalapa.

“Inkinga ukuthi lokhu ukwenze (u-Mokgalapa) ngezikhathi zomsebenzi, futhi emahhovisi amasipala. Asinandaba noma baya ezindaweni ezifana nama-B&B, sinenkinga kuphela uma benza lokhu endaweni yokusebenzela,” kusho usihlalo we-ANC e-Tshwane, uDkt Kgosi Maepa, obekhuluma nabezindaba ngoMsombuluko.

“Ngeke kukwazi ukuthi amalungu e-DA abe nocansi nje noma yikuphi,” kuqhuba u-Maepa.

I-DA ithe isaluphenya lolu daba, futhi izithathela phezulu izinsolo ezikanjena, yikho u-Mokgalapa naye u-Senkubuge bezoma emsebenzini okwesikhashana kusukela ngoLwesine. Ikuvezile futhi i-DA ukuthi maphakathi nophenyo bazobizwa ukuthi bazoziphendula laba ababili.

Kusenjalo, bobabili u-Mokgalapa no-Senkubuge bakuphikile ukuthi bebezithokozisa ngokocansi, bethi leyo ngxenye yale nkulumo eqoshiwe yenziwe ngabantu abake bazama ezinsukwini ezadlule ukuthi babavale umlomo ngokuphoqa ukukhokhelwa.