UDudu Myeni ubuyele enkantolo

Lowo owabe engusihlalo we-SA Airways uDudu Myeni usebuyele eNkantolo eNkulu yaseGauteng ngecala lakhe lokuqondiswa ubuholi namhlanje ekuseni.

Image result for dudu myeni

FUNDA : Ingabe uDudu Myeni uzoya enkantolo namhlanje?

Inkantolo izokhipha isinqumo sokuthi ingabe abanye ababengabaphathi be-SA Airways bazoba yingxenye yesicelo noma cha.

I-OUTA ifuna uDudu Myeni ikusho kwagcwala umlomo ukuthi uMyeni waphatha ngobudlabha. UMyeni, njengamanje ungusihlalo we-Jacob Zuma Foundation, uMyeni usolwa ngokuba budedengu, ukuba budedengu bakhe buwise i-SAA.

IJaji u-Ronel Tolmay, ophethe leli cala, phambilini wayeshilo ukuthi ngeke avume ukuthi leli cala liphelele emoyeni.

Uma isicelo sikaMyeni singaphumeleli, kuzoqhuthsekwanokuqulwa kwecala ngonyaka ozayo.