Ibamangazile eyokuqokwa kwesikhulu esisha sakwa-Eskom

Sesamukelwe ngokumangala, ngethemba nangokuthandabuza isimemezelo sesikhulu esiphezulu esisha kwa-Eskom, phecelezi i-Chief Executive Officer (CEO), uMnuz Andre de Ruyter.

U-de Ruyter, njengamanje oyisikhulu esiphezulu enkampanini enkulukazi e-Afrika eyenza umsebenzi wokupakisha impahla – iNempak, uzothatha izintambo ngoJanuwari wonyaka ozayo kule nkampani kagesi.

Isitatimende esikhishwe ihhovisi likaNgqongqoshe weziMboni zikaHulumeni – uMnuz Pravin Gordhan, sithe ukuqokwa kwakhe kulandela umsebenzi omkhulu wokuthungatha umuntu ofanelekile obezongena kulesi sikhundla.

Kuvelile futhi ukuthi u-De Ruyter, oneminyaka engu-51, uneziqu zomthetho neziqu eziphezulu zokuphathwa kwamabhizinisi, phecelezi i-MBA; kanti futhi ube yisikhulu esiphezulu ezinkampanini ezifana no-Sasol, nezinye zakwamanye amazwe anjengoMelika no-China.

UNgqongqoshe uGordhan umbongile u-de Ruyter ngokuvuma ukuthatha lesi sihlalo asibize ngesishisa kakhulu, futhi esikhathini esinzima kule nkampani kagesi. Kuzokhumbuleka ukuthi baningi asebeshiyelane lesi sikhundla eminyakeni engemingaki edlule. Ogcine ukuphatha u-Eskom, uMnuz Phakamani Hadebe, washiya ngoJulayi walo nyaka, ekhala ngokungaphatheki kahle emzimbeni.

Kubamangazile abaningi ukuqokwa kuka de Ruyter kulesi sikhundla – kakhulukazi ngoba akaziwa kwezepolitiki. Abanye – okubalwa kubo nasebelahle ithemba ukuthi indaba ka-Eskom iyoke ilunge – bathe uhlalelwe umsebenzi onzima, kanti ababoni ukuthi mlingo muni angawenza ukuguqula isimo esesisibi kakhulu kwa-Eskom.

Kukhona nelinye iqembu, okubalwa kulo izinyunyana, elikhala ngebala lika de Ruyter elimhlophe kanti ezithi ngeke zimeseke; kanti elinye idlanzana lithi makanikezwe ithuba u de Ruyter, angathenwa phansi amandla engakawuqali nomsebenzi.