Iqopha i-live DVD okokuqala ngqa i-Masibuyele ku-Jehova

Iqembu lomculo wezokholo i-Masibuyele kuJehova, eselineminyaka eyevile ku-30 lasungulwa, lizoqopha i-DVD bukhoma okokuqala ngqa ngeSonto.

Lo mcimbi uzobanjelwa eMbombela, eMpumalanga – okuyisifundazwe lapho amalunga aleli qembu – aphakathi kweminyaka engu-55 no 77 – adabuka khona.

Owasungula leli qembu, uNkk Belinda Nkosi, oseneminyaka engu-81 utshele abezindaba ukuthi bajabule bafile njengoba bezoqopha i-live DVD; kanti futhi yinto akade babeyilangazelela.

“Akaze siyenze ngaphambilini, ngakho yize sinovalo, kodwa sijabule kakhulu,” kusho uNkosi.

Umculi ophambili walezi zinkakha zomculo wokholo, uNkk Fifi Mabuza uthe bambonga kakhulu uNkulunkulu ngokubagcina becula ndawonye yonke le minyaka kakhulukazi embonini enokufikiza kanje. “Sinakho ukungaboni ngaso linye, kepha asikudedeli lokho kusiphazamise enjongweni esinayo yokushumayela ivangeli ngomculo,” kusho uMabuza, oneminyaka engu-61.

Uthi beqala ukuziculela enkonzweni ngo-1988, babengazi ukuthi ngelinye ilanga boba abaculi ngokugcwele, asebenezingoma ezishise izikhotha. UMabuza uthi namanje isabamangaza indlela abemukeleke ngayo eNingizimu Afrika yonke le minyaka.