Bafuna aphonswe ejele uKelly Khumalo

Emva kweminyaka emihlanu uSenzo Meyiwa wadutshulwa wabulawa emzini kamama wentombi yakhe uKelly Khumalo e-Vosloorus sekufike la abalandeli bephelelwa yisineke khona. Njengoba leli cala selithathwe yi-AfriForum iningi linethemba lokuthi izinqe zizohlala obala kulabo abathintekayo kuleli cala lokubulawa kukaMeyiwa.

Yize kwakukhona abantu abayisikhombisa endlini ngenkathi kwenzeka lesi segameko, okubalwa kubo umama ka-Kelly nodadewabo uZandile, owayeyisoka lakhe uLongwe Thwala, umngani kaSenzo uMthokozisi Thwala, uTumelo Madlala nendodana ka-Kelly eyayineminyaka emine ngaleyo nkathi u-Christian kodwa akekho ofisa ukuphuma neqiniso ngokwenzeka.

Yize bona bethi bangenelwa zigebengu ezazizobamba inkunzi kodwa omakhelwane bayakuqinisekisa ukuthi umuntu owadubula uSenzo ukulaba ababesendlini njengoba uMeyiwa wayezama ukulamula impi phakathi kukadadewabo ka-Kelly nesoka lakhe. Okunye okumangazayo ngaleli cala ukuthi, akekho owafonela amaphoyisa noma i-ambulance emva kokuthi uSenzo adutshulwe kodwa kwafonelwa uyise wesoka lendoda kadadewabo ka-Kelly u-Chiccco Thwala okunguyena owafika kuqala endaweni yesegameko.

Kuningi okungaqondakali ngaleli cala njengoba kuthiwa umama ka-Kelly Khumalo wathatha iselula kaSenzo wayinika omunye womakhelwane. U-Colonel Bongani Gininda owayephenya leli cala kunobufakazi okusolwa ukuthi ubufihlile, naye usevulelwe icala ngalesi senzo kodwa kubikwa ukuthi usethuthele KwaZulu Natal futhi akekho emaphoyiseni ozimisele ngokusayina incwadi egunyaza ukuthi aboshwe. Ikhona inhlansi yethemba lokuthi zingahle zibanjwe lezi zigila mikhuba njengoba umphenyi osemnkantshubomvu kuleli u-Paul O’Sullivan esethathe leli cala ngenhloso yokusiza umndeni wakaMeyiwa mahhala njengoba uyise aze ashona ekhala ngobulungiswa.