Inkulumo ka-Unathi izonciphisa amavoti kaLuyolo

Bayaveva abalandeli bama-Idols SA, bafunga bayagomela ukuthi ngeke besamvotela uLuyolo emva kwenkulumo ka-Unathi eqhekeze isizwe. Inkulumo yakhe ibingamancoko abewabhekise kuLuyolo osemzuliswaneni wokugcina kulo mqhudelwano. U-Unathi uveze ukuziqhayisa ngokuba ngumXhosa waze wabalula amagama osaziwayo bakuleli abangamaXhosa esho khona ukuthi baseqhulwini eNingizimu Afrika.

Lokhu kucasule abaningi abanye basho khona ukuthi ulixovile izwe. U-Unathi Nkayi uzamile ukubhula lo mlilo ngokuthi akhiphe isitatimende la ezwakalise ukuzisola nokuxolisa ngenkulumo yakhe. Yize kunjalo abanye bafuna amiswe kulo msebenzi wakhe wokuba yijaji njengoba inkulomo yakhe iphazamise ukuvota kwabalandeli bakaLuyolo abangesiwo amaXhosa.

View this post on Instagram

🙏🏾

A post shared by Unathi.Africa (@unathi.co) on