UMnyango uphika imibiko yokushaywa kwendlwabu emakilasini

UMnyango Wezemfundo Eyisisekelo -(  Department of Basic Education) uphika imibiko wokuthi abafundi bazoshaya indlwabu emakilasini, esifundweni se-Life Oriental, esifundisa ngocansi kusuka ebangeni lesine.

Image result for department of basic education


UMnyango uthe imibiko yokuthi abafundi bazofundiswa ngokushaya indlwabu ekilasini ngothisha abusilo iqiniso futhi abafundi bezingane zamantombazane ngeke kuthiwe basebenzise izitho zabo zomzimba njengethuluzi lokufundisa.

Okhulumela uMnyango u-Elijah Mhlanga uthe ukudideka lokhu kudalwa yinhlangano ethile nokuholele ekutheni kube nokukhathazeka okukhulu kubazali nasemphakathini.

“Senze konke okusemandleni ethu ukusiza ngokuhlinzeka ngemininingwane kodwa bayenqaba ukuqonda futhi kunalokho bakhetha ukudukisa umphakathi.”

Uqhube wathi, “UMnyango Wezemfundo Eyisisekelo ufisa ukuphinda ugcizelele ukuthi akukho okusha okwengezwe esifundweni se-Life Oriental ezikoleni. I-Comprehensive Sexourse Education ibilokhu iyingxenye yezifundo kusukela ngonyaka ka-2000.”

Umnyango uthe bayazazi izinselelo okubalwa kuzo namazinga aphezulu okuzala phakathi kwentsha nezingane ezineminyaka elishumi.

Ngonyaka ka-2017, zingaphezulu kuka-2 700 izingane ezineminyaka ephakathi kuka-10-14, zathola izingane, kwathi abafundi aba-110 000 abaphakathi kweminyaka ewu-15-19, bazala ngasikhathi sinye.

“Imiphumela yocwaningo ikhombisa amazinga aphezulu okuzalisana phakathi kwentsha ngaphezu kwalokho, enye ingxenye yamantombazane nabafana engamaphesenti angu- 35.4% banukubezwa ngokocansi ngaphambi kweminyaka engu-17 ubudala.

“Lokhu kudale ukuthi kube nesidingo esikhulu somnyango sokuhlinzeka ngemfundo efanelekile ukuvikela ukuhlukunyezwa kwabantwana kanye nokufundisa ukukwazi ukuzethemba kubantu abasha, abavame ukungazi uma behlukunyezwa ngokocansi,” kusho uMhlanga.

Umnyango uthe uhlelo lokufundasa i-Life Oriental, luhlose ukufundisa izingane ngezimpilo zazo, abahlosile ukufundisa ukwenza ucansi kodwa kunalokho basiza abafundi bekwazi ukuzihlonipha, bahloniphe imizimba yabo.