Sesiwuphetha u-2019, zinsizwa nanku umphako – Mthoko Nzuza

Engathi lento yokuqeda iminyaka eyisthupha ulobola singayishiya ku 2019. Lento yokuqedela ilobolo ngabakhongi abangasaphelele, sebashona abanye nabaxabana nabo imbi.

Uma ungakabi nawo amandla beka umoya phansi, ubeke imali ize iphelele, bese uyahamba-ke uyoshaya yonke imali phansi ekhweni lakho uqede.

Lento yokujaha ukuyohambisa izinkomo ezine kubo kwengane bese uyifaka indandatho yesethembiso iminyaka emihlanu ize iphucuke ungaqedile kukhokha ukuthakatha lokho madoda. Kubi kuyekeni.

Image result for rings for women

Kusukela ngonyaka ka-2020 kuya phambili asilishayeni phansi lonke ilobolo, liphelele. Siyeke ukuphendula izingane zabantu inhlekisa emphakathini yangakubo.