Ixoxwa ngezithombe – vakashel’ eHarties

Njengenjwayelo, njalo ngoLwesibili sikulethela indawo yakuleli ongayivakashela njengengxenye ye #TravelTuesday.

Njalo ngaleli langa, kusetshenziswa le-hashtag ezinkundleni zokuxhumana ngenhloso yokugqugquzela abantu ukuthi babe yingxenye yezokuvasha, nokutshengisa izindawo ongazazi ongafisa ukuzivakashela ngelinye ilanga.

FUNDA: Ixoxwa ngezithombe – vakashel’ Izintaba zoKhahlamba

FUNDA: Ixoxwa ngezithombe – vakashel’ i-Oribi Gorge

Namuhla exoxwa ngezithombe indawo i-Hartebeespoort – okuyidolobhana elise-North West elinedamukazi elaziwa nge-Hartbeespoort dam. Kuningi ongakuthokozela e-Harties – okuyindlela abanye abayibiza ngayo le ndawo, okubalwa kukho ukugibela imikhumbi, i-hot air balloon, ukubona izilwane zasendle noma nje ukuthokozela ukushisa inyama nabangani ngasedamini.