Ok’salayo, ayisali eyami iselula uma ngiya endlini encane

Odokotela sebekhuze umkhuba wokuhlala isikhathi eside ethoyilethi neselula, njengoba ungazithola usuhlaselwa ama-piles, okuyisifo esenza kube lukhuni ukushaya u-number 2.

Ngokocwaningo lwaseMelika, olushicilelwe iphephandaba Isolezwe, uma usuhlale isikhathi eside ethoyilethi, imithambo egelezisa igazi eliya ezinqeni iyagqilazeka bese ivuvukala. Uma lokhu kuhlale kwenzeka, imithambo igcina iqumba bese kuhlasela le nkinga yama-piles.

Kodwa abagili balo mkhuba bathi bangamane bayeke, kunokuyolahla itshe lentaba bengamphethe umakhalekhukhwini wabo.

Abanye bayafunga ukuthi isikhathi esibalulekile leso ngoba bakwazi ukuthatha ikhefu, bangene ezinkundleni zokuxhumana, baphendule imilayezo kanti abadingi nokumemeza uma kukhona abakudingayo, bangakufonela noma bakuthumele umlayezo besendlini encane.

Sandile nokho isibalo sentsha yakuleli ehlaselwa yizimila ezinqeni uma kuqhathaniswa neminyaka edlule. Yize lungekho ucwaningo oluhlanganisa ukuhlala isikhathi eside ethoyilethi nokusebenzisa iselula, kodwa ingaphezu kuka-20 intsha efike iguliswa ama-piles kulo nyaka, kusho uDokotela waseMgungundlovu, uSiboniso Thanjekwayo.

Ngale kwalokho, kuyaqapheleka ukuthi kunolunye ucwaningo oseluveze udaba lokungcola kakhulu kwamaselula. Ongoti bathi umakhalekhukhwini unganokungcola okwedlula isihlalo sethoyilethi. Abanye-ke, abazigezi nezandla uma bephuma endlini encane, kade besebenzisa iselula.

Ngale kwama-piles nokungcola kwamaselula, ingathuka iwela ethoyilethi ungaqondile.