Kungabe i-Uyajola 9/9 ihlukumeza ilungelo labantu lobumfihlo?

Siyanda isibalo sabakholelwa ukuthi uhlelo i-Uyajola 9/9 luhlukumeza ilungelo lomuntu lobumfihlo.

Lesi esinye sezikhalazo eziphezulu ngalolu hlelo oludlala njalo ngeSonto ku-Moja Love. Kulo kuphenywa izithandani ezisuke zisolakala ngokungathembeki ebudlelwaneni bazo, bese zibanjwa oqotsheni.


Osolakalayo uthuka sekutheleka abalolu hlelo namakhamera engazelele, bese befuna ukukhuluma naye ngodli. Noma angazama ukubaleka, akuphunyukeki kalula ngoba izigansonso zasohlelweni zikubamba ungakwazi nokunyakaza.


Abasezinkundleni zokuxhumana, abanye babo ababonisa ukwazi ezamalungelo abantu, bathi ukuvezwa kumabonakude ungavumanga, nokuphoqwa ukuthi ukhulume nabamakhamera kungathathwa njengokuhlukunyezwa kwelungelo lakho lobumfihlo.

Ezinye izikhalazo zimayelana nodlame, inhlamba nokuhlanjalazwa okudlangile kulolu hlelo.


Ivumile kwabezindaba inhlangano ebhekele ubulungiswa kokusakazwa kwithelevishini nasemisakazweni, i-Broadcasting Complaints Commission of SA (BCCSA) ukuthi ziningi izikhalazo ezitholile ngalolu hlelo.


Abase-Multichoice Group nabo bakuqinisekisile kwabezindaba ukuthi bazitholile izikhalo, futhi okwamanje basalandela. “Yize singeke silawule izinhlelo zesiteshi naso esizimele esinemigomo yaso. Sisaxoxa nabalesi siteshi ngalesi sikhalo futhi sizophendula ngendlela kwi-BCCSA,” kusho okhulumela i-Multichoice uMnuz Joe Heshu.