U-Juanita Khumalo ungowesifazane esimthandayo kulolu Lwesithathu

Uma umbheka u-Juanita Khumalo, ngeke usho ukuthi eminyakeni ethi ayibe mibili edlule, wayezizwa ekhuluphele, esebudlelwaneni ayengasabuthokozeli, futhi enezinkinga zezifo ezithikameza umqondo.

Le ntokazi eneminyaka engu-29, yakwazi ukwehlisa isisindo somzimba wayo ngo-15kg phakathi kuka-2017 no-2018, yaphuma kulobo budlelwane obabungebuhle, yase ithola usizo kongoti abelapha izifo eziphazamisa umqondo.


UKhumalo, ongowokudabuka e-Kimberley, usezakhele udumo ezinkundleni zokuxhumana ngokufundisa futhi akhuthaze abantu, isikakhulu abesifazane, ukuthi umzimba unakekelwa kanjani. Ukuziphekela wena ekhaya ozokudla, uhlele usuku nosuku ukuthi uzodlani, bese uzivocavoca kambalwa ngeviki, kungezinye zezindlela ezisizayo ekunakekeleni umzimba wakho.


Le ntokazi esingusomabhizinisi, isungule inkampani ebizwa nge-Trove Wellness, inhloso yayo okungukweluleka abantu ngokuzivocavoca nokudla kahle.


Kamuva nje, ubonakalise impumelelo yakhe ngokuhlela ama-bootcamp emadolobheni amakhulu akuleli, okubalwa kuwo iGoli neTheku, adonse izinkumbi zabantu abathanda ukuzivocavoca. Uyaqhubeka nokudlondlobala uKhumalo ngoba kule nyanga ka-Okhthoba, usezotholakala naku-YouTube.


Lo sisi uphila ekhuthaza abalandeli bakhe ezinkundleni zokuxhumana, ngenkulu intshisekelo nesineke, futhi uphila lokhu akushumayelayo.

Yingakho engowesifazane esimthandayo kulolu Lwesithathu.