UMfazi kwesokuba ukhomishana wamaphoyisa e-Western Cape

USindile Mfazi uzosebenza njengo khomishana omusha wamaphoyisa esifundazweni sase-Western Cape.

Image result for Sindile Mfazi

Ngemuva kokuhluleka kuka-Jeremy Vearey ukukuphuma phambili ohlwini lwabakhethiwe , uMfazi uphumbe phambili endaweni yokuthatha lo msebenzi.

FUNDA: Police Commissioner worried after police faced angry mob

UMfazi, osebenza njenge bambela lika khomishana, ubonakala enenselelo kakhulu engase esithathe lesi sikhundla.

UNgqongqoshe wamaPhoyisa uBheki Cele uthole amagama abantu abebefakwe ohlwini, okubalwa negama lika Mfazi nokubikwa ukuthi yilo elihamba phambili.

Image result for Sindile Mfazi

UMfazi ubelokhu elibamba ngemuva kokuthi lowo owayengukhomishana ,uKhombinkosi Jula ehanjiswe esifundazweni saKwaZulu-Natali.

UNdunankulu wase-Western Cape u-Alan Winde ukugcizelele ukuthi uCele akufanele aqoke umuntu ozongenela ezombusazwe noma ohlangene nanoma yiliphi iqembu lezepolitiki.

Ngenkathi u-Vearey ekhishwa ohlwini, kwaba nempikiswano, inyunyana yamaphoyisa i-POPCRU ikukhulume kwacaca ukuthi izomulwela u-Vearey.

I-Western Cape yisifundazwe esinesibalo esiphezulu okubikwa kuso izigameko ezihlobene nobugebengu , ukubulala kanye nokugqekeza.